Bible Study presented by Rev F Nhlangulela of Gretytown Parish
(ELCSA-SED Umvoti Circuit YL Revival @Greytown Parish-11 October 2014)
Kwabaseroma 8:31 “Sesiyakuthini ngalokho na,uma uNkulunkulu
emi ngakithi,ngubani ongamelana nathi na?”
![](https://blogger.googleusercontent.com/img/b/R29vZ2xl/AVvXsEhnqEIeTLNuYisbPCxT-s0ZV68zXO7Uk_FEMVQGOwFsZAHbDexR2x9CSHTCWtITf1FXinxIS7WxhvunfC71Y3YuuSrJUrvG9dkndKCVXbS09i9KmAAkK8oLdYjUIoYXuExeXFvSVFvUlZ4/s1600/Rev+Nhlangulela.PNG) |
Rev F. Nhlangulela |
Okokuqala sizozwa ukuthi incwadi yabaseRoma ilotshwe ubani.
Umbhali wencwadi yabaseRoma umphostoli uPaul, siyakuthola lokho kwabaseRoma
chapter 1:1. Zonke izincwadi ezibhalwe umphostoli uPaul zibizwa ngokuthi
amaPistola. Igama elichaza ukuthi ‘a letter’. Impilo kamphostoli uPaul
iyatholakala ichazwe kahle encwadini
yeZenzo zabaPhostoli. Wayebizwa ngo Saul ngaphambi kokuba abizwe ngo Paul. Syasazi
ke istory sakhe sokuthi wabizwa kanjani, ewumzingeli wamakholwa ewabulala. Wakhula
ehlala ngaphansi kompristi uGamaliel. Engifuna ukukucacisa ukuthi umphostoli
uPaul wayengaphambene nenkolo ngoba engayazi inkolo, hlampe abanye bacabanga
ukuthi umphostoli uPaul wayengalazi iBhayibheli. Njengoba ayehlala nompristi
lokho kukubeka ngokusobala ukuthi uPaul wayemazi uJesu,wayelazi ivangeli,wayazi
konke ngenkolo yobuKristu. Uzingela amakholwa nje ukwazi kahle konke lokho.
Ngeke ngixgile ekutheni waphenduka kanjani eseba uPaul, eshaywa unyazi,eboshwa,
konke lokho. UPaul ke uzalelwe endaweni yase Tisus abazali bakhe bengamaJuda.
Lencwadi ke esithola
kuyo iBible study yanamhlanje yayibhalelwe ibandla lase Roma, siyakuthola lokho
kwabaseRoma 1:7. Lencwadi umphostoli uPaul uyibhala selivele likhona ibandla
laseRoma,abanye bacabanga ukuthi umphostoli uPaul ungumsunguli webandla
laseRoma. Uma ufunda uchapter 1, chapter 10, chapter 13, chapter 15 no chapter
23 kuvela ngokucacile ukuthi umphostoli uPaul wayengakaze aye eRome ebhala
lencwadi. Ake sizwe ke inhloso yokuthi uPaul abhale lencwadi yaseRoma. Kuzo
zonke izincwadi ayezibhala uPaul okokuqala nje ayefuna ukukugqamisa, wayefuna
abantu abakulelo bandla baqonde ukuthi usephendukile useshumayela ivangeli,
futhi wayefuna ukuthi athi eseya kulelobandla aye sebazi ukuthi akasazingeli
amakholwa. Okwesibili okwakwenza umphostoli uPaul abhale lezincwadi wayefuna
bazi ukuthi umusa nensindiso kungokwabaJuda Kanye nabezizwe, ngendlela efanayo
nangendlela elinganayo. Ngoba abajuda babazi ukuthi bona njengesizwe
esikhethiweyo, ibona bodwa abalungelwe umusa kaNkulunkulu nensindiso. Ngamanye
amazwi uPaul wayezama ukuhlanganisa, wayezama ukwakha i-unity phakathi
kwalabantu. UMartin Luther mayechaza lencwadi yabaseRoma uthi “it is a chief
book of the new testament and the
purest, which is well worthy that a
Christian should not know it by heart , word for word, but daily use it as a
daily bread of the soul.
Konke uMartin Luther ayekubhala ngensindiso wayekubhala
ekuthatha ikakhulu encwadini yabaseRoma. UPaul ukuchaza ngokusobala ukuthi
umuntu(wonke umuntu) ulungisiswa ngomusa kuphela,ngokukholwa kuphela nangoKristu
kuphela, akasho ukuhti umJuda ulungisiswa ngomusa kuphela,ngokukholwa kuphela
nangoKristu kuphela. Ufuna kucace ukuthi wonke umuntu, noma ngabe umGreki noma
umJuda, uwufanele umusa kaNkulunkulu. Ake sibuyele ke kulelizwi leBible Study
yethu romans 8:31. Uma uwufunda wonke uchapter 8 uhlanganisa nalelizwi eliku
verse 31, eliyiculo likamphostoli uPaul lokunqoba kokukholwa. Lithi ke
leliverse ekuqaleni “sesiyakuthini ngalokho na” yini leyo esesiyakuthini ngayo?
Izinto abhekise kuzo uPaul mayethi ngalokho, ubhekise kwizinto eziku chapter 3,
chapter 5, no chapter 8 kwabaseRoma. Hlampe esingakucaphuna kuchapter 3 ukuthi
umuntu uyalungisiswa ngoJesu Kristu kuphela. Okusho ukuthi sesiyakuthini
ngokuthi umuntu ulungisiswa ngojesu kuphela? Njengoba besishilo ekuqaleni
ukuthi umuntu ulungisiswa ngomusa kuphela,
ngokukholwa kuphela nangojesu kuphela. Kodwa kuphela uma umuntu ekholwa
ukuthi uma uNkulunkulu emi ngakithi akekho ongamelana nathi. Awukwazi ukuvele
ulungisiswe nje kodwa kudingeka ukukholwa, kodwa wena awunayo amandla okuba
nakho , udinga yena ozoba seduze, ozoma ngaye ukuze ube nalokhu kukholwa.
Okokuqala wonke umuntu wonile phambi kukaNkulunkulu kodwa
usilalelwe into eyodwa okungumusa kaNkulunkulu. Okwesibili umuntu eselungisiwe
ke kufanele eze lapha kuchapter 5, lapho umuntu eselungisisiwe ngoJesu kufanele
kubanakale izithelo. Izithelo ke zomuntu oselungisisiwe ukuthobeka. Awuzibuke
ke ukuthi intobeko ikhona yini kuwe. Futhi uma umuntu eselungisisiwe uJesu,
kufanele kubonakale uthando. Angisho loluthando lomaqomana, ngikhuluma
ngaloluthando lwe Brotherly love. Uma ke umuntu esethe uma uNkulunkulu emi
ngakimi akekho ongamelana nami, ebesethi konke ngikushaya indiva ngenxa kaKristu
ophila kimi, omi nami. Uma sibhekisisa
kahle Lendaba siyathola ukuthi kunezikhathi, noma amaperiod awu-4 awabhalile,
akhuluma ngawo uPaul. Kukhona eyodwa
egeneral bese kuba nawu-3 aparticular. Lezikhathi ziqala
zigqamisa/ziveza inkazimulo esemseni kaNkulunkulu. Uma eseyigqamisile
inkazimulo kaNkulunkulu uselandelisa
ngombuzo wakhona.
Ake sibuke lesikhathi sokuqala esithi si General. Uthi umphostoli
uPaul kulesikhathi sokuqala “uma uNkulunkulu emi ngakithi” uveza inkazimulo kaNkulunkulu
, bese eqhubeka ethi “ngubani ongamelana nathi na?” umbuzo wakhona lowo.
Bese kuba inkathi yesibili okuyi Past yona etholakala ku
verse 32 “yena ongayogodlanga indodana yakhe, kepha wayinikela ngenxa yethu
sonke” nalapho kuvela inkazimulo kaNkulunkulu. Bese kulandela umbuzo wakhona
othi “kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye naye na?” kuvela ukuthi uma
uNkulunkulu asinika into eyigugu kuye, indodana yakhe, ayikho enye into angesinike
yona uma akwazi ukukhipha igugu lakhe.
Bese kubakhona inkathi yesithathu okuyi Present. Yona itholakala
kuverse 33, lapha ke khona kuqala ngombuzo wakhona bese kuvezwa inkazimulo.
Uthi umbuzo “ngubani ozomangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na?” bese
inkazimulo ithi “uNkulunkulu ungolungisisayo”
Inkathi yesine Future, kuqala kuvela inkazimulo kaNkulunkulu
“uKristu Jesu uyena owafayo” umbuzo wakhona uthi “pho ngubani ozakusahlukanisa
nothando lukakristu na?” thina ke lapha
sigxile kulenkathi yokuqala esithe igeneral. Nakuba umphostoli uPaul wayelobela
ibandla lamaRoma kodwa lelizwi libheke ngqo kithi namhlanje,singabakhethiweyo
bakaKristu. Ake sifunde incwadi yokuqala kaPetru 2:9…